Kubantu omazisi babo abalahlekile, abantshontshiwe noma abalimele.
Kubantu abenza izicelo zokushintshwa kwemininingwane yabo ziqu.
Kubantu isimo sabo sokuba yizakhamizi ezishintshile.
Kwabesimame abangena emendweni, noma abafuna ukushintsha izibongo zaboo zakudala.
Kubantu abahlala ngaphandle okwesikhashana kodwa abebenomazisi.
Abantu ababuya ngaphandle abanemvume esebenzayo yokuhlala unomphela.
Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-9 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kwinxusa noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Fakela isitifikedi sakho sokuzalwa noma ipasi lakudala elalinikezwa ngaphambi komhlaka-1 kuJuly 1986.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi.
Yenza ukuthi kuthathwe izigxivizo zeminwe yakho ukuze irekhodwe kuhla lwabantu ezweni.
Khipha isitifikedi sokushada uma ushadile.
Owesimame oenza isicelo sikamazisi kanti ofuna ukubuyela kwizibongo zakhe zakudala, kumele anikeze ubufakazi bokuthi unelungelo lokusebenzisa leso sibongo.
Umuntu obuya ngaphandle owenza isicelo sikamazisi kumele afakele nemvume yakhe yokuhlala unomphela, noma isitifikedi se-naturalisation noma isitifikedi sokukhishwa ngaphansi kwesibopho.
Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisithupha.
Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lomnyango eseduze nawe.
